Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeGaza, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba bathumba bonke abathunjwa ukuze babanikele kuEdoma.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:6
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.


Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.


“ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza, uqede izindlu zalo zamakhosi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.


Ngosuku owema kude ngalo, ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe, benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.


I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.


Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.”


Lawa angamathumba egolide amaFilisti awabuyisa abe ngumnikelo wecala kuJehova: elinye ngele-Ashidodi, nelinye ngeleGaza, nelinye ngele-Ashikeloni, nelinye ngeleGati, nelinye ngele-Ekroni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ