Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku, nginqume abakhileyo eBikati Aveni, nophethe intonga eBeti Edene, abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku, ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni, nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni. Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngiyakwaphula umgoqo waseDamaseku, nginqume abakhileyo ethafeni lase-Aveni nophethe intonga yobukhosi endlini yase-Edene; futhi abantu base-Aramu bayothunjelwa eKhiri,” kusho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:5
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?


Inkosi yase-Asiriya yamlalela; inkosi yase-Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.


I-Elamu lathwala isambo phakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi, neKhiri lambula isihlangu.


Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.


Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”


Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga, babe yiziwula, inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.


Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla awo aphelile, anjengabesifazane; izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo yaphuliwe.


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


“ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho.


Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba, imizi iye ekuthunjweni.


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”


“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”


Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ