Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa ngizaphemba umlilo odongeni lweRaba, njalo uzaqeda izigodlo zalo, ngentokozo ngosuku lwempi, ngesivunguzane ngosuku lwesiphepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.


UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.


Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.


Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.


Ekuzwakaleni kwecilongo lithi: ‘Nakho-ke;’ lihogela ukulwa kusekude, nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.


baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho, ubethuse ngesiphepho sakho.


Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.


UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo.


Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi.


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.


Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.


“ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,


Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.


bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”


“Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.


Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ