Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwabo; ngoba badwengula abesifazane abakhulelweyo bakwaGileyadi ukuze bandise umngcele wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:13
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.


Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.


UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi.


UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?” Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”


Kwathi emva kwalokho kwafika abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni benabanye bamaMehuni kuJehoshafati, beyokulwa.


“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,


Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”


noGebali, no-Amoni, no-Amaleki, neFilistiya nabakhile eTire.


Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!


“Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena: “ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,


“ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho,


ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.


lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ