Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire, uqede izindlu zalo zamakhosi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa ngizathumela umlilo phezu komduli weTire, ozaqeda izindlu zayo zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:10
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.


Bayakuphanga imfuyo yakho, bagcugce impahla yakho ethengiswayo, babhidlize izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.


Ziyakuchitha izingange zaseTire, zibhidlize imibhoshongo yalo; ngiyakukhukhuza umhlabathi walo kulo, ngilenze idwala eliyinyabule.


Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile ungcolisile izindlu zakho ezingcwele; ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda; ngakwenza umlotha emhlabeni emehlweni abo bonke abakubonayo.


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza, uqede izindlu zalo zamakhosi.


Bheka, iNkosi iyakulaphuca, iphonse imfuyo yalo elwandle, lona lidliwe ngumlilo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ