Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:1
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi,


Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.


Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”


UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,


Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


“Uyakukhuluma onke lawo mazwi kubo, kepha abayikukulalela; uyakubabiza, kepha abayikukuphendula.


Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.


kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ