Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




URuthe 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngesikhathi sokudla uBowazi wathi kuye: “Woza lapha, udle isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho kuviniga.” Wahlala eceleni kwabavuni, wamnika utshwele, wadla wasutha, washiya phansi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ngesikhathi sekudliwa uBhowazi wathi kuye: “Woza lapha uzokudla isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho ewayinini elitshodile.” Wahlala eduze kwabavuni, wamnika utshwele, wadla wasutha kwaze kwasala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UBhowazi wathi kuye: “Woza lapha ngesikhathi sokudla, udle isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho kuviniga.” Wahlala phansi eduze kwabavuni, wafika kuye amabele akhanyiwe, wadla, wasutha, wahamba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




URuthe 2:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba, nokolweni, nebhali,* nempuphu notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa,


Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.


Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?


Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.


Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.


“Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Wathi: “Mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi, ngokuba ungiduduzile nangokuba ukhulume kahle kuyo incekukazi yakho, noma ngingenjengenye yezincekukazi zakho.”


Esesukile ekukhothozeni uBowazi wayala abafana bakhe, wathi: “Makakhothoze nasezithungwini, ningamkhathazi.


Wakuthatha, wangena emzini; uninazala wabona lokho abekukhothozile; wakhipha, wamnika lokho akushiyile esesuthile.


UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu,


U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ