Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




URuthe 1:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMowabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 UNawomi nomalokazana wakwakhe uRuthi babuyela kwelakubo besuka kwaMowabi. Bafika eBhethlehema ngesikhathi kuqala ukuvunwa kwebhali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Wayesebuya uNawomi, noRuthe wakwaMowabi, umalokazana wakhe, ababebuyile ezweni lakwaMowabi; bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




URuthe 1:22
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;


yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.


Wayesenamathela-ke kuwo amantombazana kaBowazi ukukhothoza kwaze kwaba sekugcineni kokuvunwa kwebhali* nokukakolweni; wahlala-ke noninazala.


Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ