Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




URuthe 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; kanjalo uJehova uyakwenza kimi, futhi kube njalo, uma kuphela ukufa kusehlukanisa mina nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




URuthe 1:17
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: “Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,


Kwathi esemmbele, wakhuluma kumadodana akhe, wathi: “Lapho sengifile, ngimbeleni ethuneni embelwe kulo lowo muntu kaNkulunkulu, nibeke amathambo ami eceleni kwamathambo akhe.


U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku-Eliya ngokuthi: “Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi, uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa.”


Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi: “UNkulunkulu makenze njalo kimi, enezele futhi, uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi libe ngelokufa kwakhe.


UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”


Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”


Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”


USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”


UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.


UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”


Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ