Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




URuthe 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Buyani, madodakazi ami, nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba, noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Buyelani emuva madodakazi ami, hambani, ngokuba sengimdala ukuba ngisengagana ngibe nomyeni. Noma ngabe belikhona ithemba lokuba ngingathola indoda ngilale nayo namhlanje ebusuku bese ngiyakhulelwa ngizale amadodana,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Phendukani, madodakazi ami, nihambe; ngoba mina sengimdala kakhulu ukuthi ngingaba lendoda. Uma bengingathi: Nginethemba, uma nami ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




URuthe 1:12
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”


UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe: “Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo, aze akhule uShela indodana yami,” ngokuba wathi: “Ukuba angafi njengabafowabo.” UTamari waya wahlala kwabo.


Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,


Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?


beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ