Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumelwe beze, bakhumule isembozo bamboze umphongolo wobufakazi ngaso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 4:5
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.


namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.”


Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.


Wasenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, wasenza saba namakherubi,* umsebenzi wengcweti.


Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo.


Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele.


Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


“Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.


Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.


Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.


ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe,


ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ