Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 4:49 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe. Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

49 Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

49 Ngokomyalo weNkosi basebebalwa ngesandla sikaMozisi, ngulowo lalowo ngomsebenzi wakhe lanjengomthwalo wakhe; babalwa kanye naye, njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 4:49
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.


Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.


UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


“Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:


Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,


nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.


Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.


Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.


Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ