Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 4:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa yenzani njalo kubo, ukuze baphile, bangafi, ekusondeleni kwabo ezintweni ezingcwelengcwele: uAroni lamadodana akhe bazangena, babamise, kube yilowo lalowo emsebenzini wakhe lomthwalo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 4:19
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela.


UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.


Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


Bayakugcina imfanelo yakho nenkonzo yetende lonke; kodwa abayikusondela empahleni yendlu engcwele nase-altare, ukuze bangafi, nabo nani.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


“Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ