Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 33:55 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

55 “ ‘Kepha uma ningabaxoshi abantu balelo lizwe phambi kwenu, eniyobashiya bayoba ngameva emehlweni enu nanjengezincijo ezinhlangothini zenu, bayonihlupha ezweni enihlala kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha uma ningabaxoshi abakhileyo ezweni phambi kwenu; khona-ke labo enibayekayo bayakuba ngameva emehlweni enu nameva ezinhlangothini zenu, nihlushwe ezweni enihlala kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 33:55
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho ngithi manje: Angiyikubaxosha phambi kwenu, kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.”


Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.


Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.”


“ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”


ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ