Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 31:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uyakuthatha enye emashumini ayisihlanu, kubantu, nakuzo izinkomo, nakuzo izimbongolo, nasemhlambini wezimvu, kuzo zonke izinhlobo zezilwane, ukunike amaLevi agcina imihlambi isevisi. Wetabernakele leNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 31:30
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.


Bachitha namatende ezinkomo, bamuka nezimvu eziningi namakamela, babuyela eJerusalema.


Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”


Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,


Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.


uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,


nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.


OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana, bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza. Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.”


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.


Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.


UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ