Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 31:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Niyakuthathela uJehova intela emaqhaweni aphuma impi: umphefumulo oyedwa kwabangamakhulu ayisihlanu, kubantu, nakuzo izinkomo, nakuzo izimbongolo, nakuzo izimvu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 31:28
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.


Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.


Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa.


Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo, sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula, endaweni yegama likaJehova Sebawoti, intaba yaseSiyoni.


Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Iziqhingi ziyangihlalela, imikhumbi yaseTharishishi kuqala, ukuletha amadodana akho evela kude, enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.


“Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.


“Futhi uyakukhuluma kumaLevi, uthi kuwo: ‘Nxa nithabatha kwabakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.


nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.


Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”


yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Bathi: “NgokaKesari.” Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”


Bawushisa umuzi ngomlilo, nakho konke okukuwo; isiliva kuphela, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka endlini yengcebo endlini kaJehova.


UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ