Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 29:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “ ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “ ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukwenza msebenzi, niyogubhela uSimakade umkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa kuyakuba khona umbuthano ongcwele kini; aniyikwenza msebenzi wakukhonza, nibe nomkhosi wokudumisa uJehova izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 29:12
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela e-altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.


Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,


Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa-Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa,


Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.


nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.


“Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.


“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezo zinsuku eziyisikhombisa, kunjengomnikelo wesono, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namafutha.


Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.


“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.


ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici,


“ ‘Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomhlangano ozothileyo; ningasebenzi msebenzi,


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ