Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 28:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Nempongo iyoba ngumnikelo wesono kuSimakade; kuyonikelwa ngayo nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Inqama eyodwa ibe ngumnikelo wesono kuJehova uyakunikelwa ngayo ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 28:15
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini.


Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,


enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo.


uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.


kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.


Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.


nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana;


Wothi kubo: ‘Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici, zibe zimbili njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.


nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.


nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana,


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ