UNumeri 28:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE11 “ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici, အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202011 “ ‘Njalo ngosuku lokwethwasa kwenyanga, niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa. Kuyoba ngamaduna amabili emhlanjini, inqama, amazinyane ayisikhombisa anonyaka, futhi angenasici. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202411 Ekuqaleni kwezinyanga zenu niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova; izinkunzi ezimbili, nenqama eyodwa, nezimvu zamawundlu eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici; အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.