Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 25:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa nowesifazane wakwaMidiyani, kwakunguZimri kaSalu, isikhulu sendlu yabakwaSimeyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Igama lomIsrayeli owabulawa, naye owabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise kwabakwaSimeyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 25:14
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.


Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.


Phezu kwezizwe zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.


siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”


Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.


Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.


esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ