Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 21:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Maye kuwena Mowabi! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi; unikele amadodana akhe abe ngababaleki, namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Maye kuwe, Mowabi! Nibhubhile nina bantu bakaKhemoshi. Wenze amadodana akhe aba ngabakhoseli, amadodakazi akhe aba ngabathunjwa benkosi yama-Amori, uSihoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Maye kuwe Mowabi! Nibhujiswa nina bantu baseKamos! Wanikela amadodana akhe ababalekile namadodakazi akhe ekuthunjweni kuSihoni, inkosi yama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 21:29
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.


USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


“Emthunzini waseHeshiboni ababalekileyo bayema bephelile amandla, ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni, nelangabi phakathi kweSihoni; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.


Maye kuwena Mowabi! Abantu bakaKemoshi baphelile, ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.


Ngokuba ngenxa yokwethemba kwakho imisebenzi yakho nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.


“Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.


Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ