Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 20:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Okhokho bethu behlela eGibhithe, futhi sahlala isikhathi eside eGibhithe; abaseGibithe basicunula nawobaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 20:15
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.


Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.


Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.


Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye, akalalelanga izwi lethu; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.”


yathi: “Nxa nibelethisa amaHeberukazi, niwabona esesihlalweni sokubeletha, uma kuyindodana, anoyibulala, kepha uma kuyindodakazi, izakuphila.”


UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


Ukuhlala kwabantwana bakwa-Israyeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu.


Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: “Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?”


Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;


kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?


UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele


lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;


UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba.


Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.


abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ