Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 15:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

35 USimakade wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe. Inhlangano yonke iyokumkhanda ngamatshe, ngaphandle kwenkambu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Khona-ke uJehova wathi kuMose: “Lowo muntu kumelwe abulawe nokubulawa; inhlangano yonke iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 15:35
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


“Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”


UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu,* bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu,* yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.


bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.


Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ