UNumeri 15:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE29 Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu, nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202029 Niyoba nomthetho ofanayo kowengabadi kwa-Israyeli nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu, lapho bone ngokungenhloso. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202429 Niyakuba nomthetho munye ngowonile engazi, kozelwe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nakomfokazi ogogobele phakathi kwabo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.