UNumeri 15:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE15 Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202015 Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202415 Kumelwe kube yisimiso kini, ebandleni nakumfokazi ogogobeleyo kini, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengoba unjalo wena, umfokazi makabe njalo phambi kukaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.