Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 14:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

37 Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 14:37
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.


ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.


Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.


Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”


Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.


Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova.


imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”


Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.


Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?


Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?


Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ