Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 11:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, owabakhethiweyo bakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose kwasebusheni bayo, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, omunye wezinsizwa zakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, banqabele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 11:28
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”


Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.


Kwagijima insizwa, yabika kuMose, yathi: “O-Elidadi noMedadi bayaprofetha ekamu.”*


Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.”


Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ