Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 11:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMozisi wasesithi eNkosini: Uyicindezeleleni inceku yakho? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo walesi sizwe phezu kwami na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 11:11
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


UMose wayesekhala kuJehova, ethi: “Ngizakwenzani kulaba bantu na? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, wenzeleni okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina na?


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


“Nithi: ‘Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?


UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.


Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”


ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.


Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ