Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 10:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele* lamiswa, wona engakafiki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Kwasuka nabakwaKhohathi abangabathwali bezinto zendawo engcwele: ithabanakeli lamiswa ngaphambi kokufika kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 AmaKohati asuka, ayithwala indlu engcwele;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 10:21
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.”


Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.


Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.


Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaGadi kwakungu-Eliyasafa indodana kaDehuweli.


Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.


kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”


Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ