Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kodwa ngenxa yomusa wakho omkhulu awuzange ubabhubhise futhi awubashiyanga; ngoba wena unguNkulunkulu olesihawu lesihawu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:31
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo, babuyele kuleli zwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.”


benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.


nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.


Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.


“Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ