Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Abantwana bangena, balidla izwe, wabanqoba abakhileyo ezweni, amaKhanani, phambi kwabo, wabanikela esandleni sabo, namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kanjalo. Njengoba bebengenza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:24
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.


AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.


Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.


basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.


Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


inkosi yase-Egiloni: inye; inkosi yaseGezeri: inye;


inkosi yaseTirisa: inye; onke amakhosi ayengamashumi amathathu nanye.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.


Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.


Ngalolo suku uNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ