Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Akavumanga ukulalela, akacabanganga ngezimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo; kepha wena wazenza lukhuni izintamo zabo, wabeka umbusi ekuhlubukeni kwabo ukuba babuyele ebugqileni babo; kepha Wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe, obhekakade, nomusa omkhulu, futhi awuzange ubalahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:17
43 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.”


UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli,


Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngokuba siyizigqila; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu, simise indlu kaNkulunkulu wethu, sivuse incithakalo yayo, asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.


Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.


Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.


Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,


bakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


UJehova wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.


Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’


Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.


Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;


UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.


UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?


UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela.


Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alaba bantu na? Asiyikukhuphuka.”


“Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,


Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ