Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 U-Ezra umbhali wayemi epulpiti lamapulangwe ababelenzele lona; ngakuye uMatitja, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseja, bemi ngakwesokunene sakhe; futhi ngakwesobunxele sakhe uPhedaya noMishayeli noMalikhiya noHashumi noHasbadana noZakariya noMeshulamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 8:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, no-Adaya, noJashubi, noSheyali, noJeremoti.


Kumadodana kaHashumi: ngoMathenayi, noMathatha, noZabadi, no-Elifeleti, noJeremayi, noManase, noShimeyi.


noMahaseya kaBaruki, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni.


Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.


eka-Ezra: nguMeshulamu; eka-Amariya: nguJehohanani;


Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.


U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.


Basukuma endaweni yabo, bafunda encwadini yomthetho kaJehova uNkulunkulu wabo inxenye yesine yosuku; inxenye yesine bavuma izono zabo, bakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo.


Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.


wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ