Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 8:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa, indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa-Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Lonke ibandla lababekade bethunjiwe, lakha amadokodo, lahlala kuwo. Kwakungokokuqala kwenzeka kanje, kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa, indodana kaNuni, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli babengakaze benze kanjalo. Umkhosi bawugubha ngenjabulo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ibandla lonke lababebuyile ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala phansi kwamadokodo; ngoba kusukela emihleni kaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakoIsrayeli kabakwenzanga lokho. Futhi kwakukhona injabulo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 8:17
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu. Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.


Kwakukhona-ke ukuthokoza okukhulu eJerusalema, ngokuba kusukela esikhathini sikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.


Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa-Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi, nawo onke amakhosi akwa-Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.


njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.


Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ