Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 8:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi: “Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo, namagatsha omnqumo wasendle, namagatsha ombomvana, namagatsha esundu, namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Kumele bamemezele eJerusalema nakuyo yonke eminye imizi, bathi: “Khuphukelani ezintabeni, nigawule amagatsha omnqumo nomnqumo wasendle, uthathawe, amasundu nezinye izihlahla, nakhe amadokodo njengokulotshiweyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Nokuthi bakumemezele, bamemeze emizini yabo yonke naseJerusalema, bathi: ‘Phumani niye entabeni, nithathe amagatsha omnqumo, nezingatsha zikaphayini, nezingatsha zemibomvana, namagatsha esundu, namagatsha emithi eminyene ukwenza amadokodo, njengokuba kunjalo kubhaliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 8:15
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.


“ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.


Ngosuku lokuqala anothabatha izithelo zemithi emihle, namagatsha amasundu, nezingatsha zemithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.


Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.


Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,


bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.”


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ