Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nganika umfowethu uHanani noHananiya induna yesigodlo ukuba babe negunya phezu kweJerusalema, ngoba wayeyindoda eqotho futhi emesaba uNkulunkulu ngaphezu kwabaningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 7:2
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,


Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


U-Ahabi wabiza u-Obadiya owayephezu kwendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,


kwafika uHanani omunye wabafowethu, yena nabantu bakwaJuda; ngababuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni nangeJerusalema.


Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.


kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”


Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.


Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuba bahlale nami; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.


Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;


“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?


“Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.


lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ