Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 6:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kunamahlebezi ezizweni athi wena nabaJuda niceba ukuvukela inkosi, yingakho wakha kabusha ugange nje; ngokwalowo mbiko wena uzoba yinkosi yabo, noGashimu uyawafakazela lawo mahlebezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kulotshiwe kulo ukuthi: Kuzwakele kwabezizwe, noGasmu usho lokhu ukuthi wena nabaJuda nicabanga ukuhlubuka; ngalokho ulwakhile ugange, ukuze ube yinkosi yabo ngokwalawa mazwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 6:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.


ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.


Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”


Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze.


USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo.


Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.”


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.


Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.


ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ