Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 6:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho, abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi kwenzeka ukuthi lapho zonke izitha zethu zizwa lokhu, futhi zonke izizwe ezazisizungezile zibona lezi zinto, zadangala kakhulu emehlweni azo, ngokuba zabona ukuthi lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 6:16
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.


Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.


Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,


Phezu kwalokho abakhulu bakwaJuda bathuma ngalezo zinsuku izincwadi eziningi kuThobiya, nezikaThobiya zafika kubo.


ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho; wena Jehova ukwenzile.


Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni.


UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


Manje-ke ngithi kini: Dedani kulaba bantu, nibayeke, ngokuba uma leli su nalo msebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka;


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ