Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha manje inyama yethu injengenyama yabafowethu, nabantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, siletha amadodana ethu namadodakazi ethu ebugqilini, namadodakazi ethu asevele enziwe izigqila; futhi akukho emandleni ethu ukubakhulula; ngoba abanye abantu balamasimu ethu lezivini zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 5:5
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.


Wozani sithengise ngaye kwabakwa-Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.


Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.”


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?


Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ