Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 5:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngavuthulula ingubo yami, ngathi: “UNkulunkulu makavuthulule kanjalo bonke abantu abangagcini leli zwi ezindlini zabo nasemfuyweni yabo; mabavuthululwe kanjalo, babe yize.” Lonke ibandla lathi: “Amen,” ladumisa uJehova. Abantu base benza njengalelo zwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Ngase ngithintitha umphetho wengubo yami, ngathi: “Sengathi uNkulunkulu angamvuthulula kanjalo noma ngubani ongeyukusigcina lesi sivumelwano; endlini nasempahleni, angamshiyeli lutho.” Yonke inhlangano yaphendula yathi: “Amen!” Yadumisa uSimakade. Yenza njengoba yayethembisile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nami nganyakazisa ingubo yami, ngathi: “Ngakho uNkulunkulu uyanyakazisa, kube yilowo nalowo endlini yakhe nasemsebenzini wakhe ongasigcwalisi lesi sithembiso; naye makavuthululwe kanjalo, angenalutho. Ibandla lonke lathi: Amen, lidumise uJehova. Abantu benza njengesithembiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 5:13
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.


U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: “Amen, Amen,” bephakamisa izandla zabo; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.


Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;


Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.


Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.


Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.


Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho.” “ ‘Owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”


Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.


Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu.


Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo?


USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ