Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti indodana ka-Uriya indodana kaKoshi. Eceleni kwabo kwalungisa uMesulamu indodana kaBeregiya kaMeshesabeli. Eceleni kwabo uSadoki indodana kaBahana walulama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 3:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.


Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu, kwanikezwa esandleni sikaMeremoti, indodana ka-Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,


Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.


ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Emva kwakhe kwalungisa uHananiya, indodana kaShelemiya, noHanuni, indodana yesithupha kaSalfi, elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.


Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.


Ngokuba abaningi bakwaJuda babefungile kubo, ngokuba wayengumkhwenyana kaShekaniya indodana ka-Ara; indodana uJehohanani yayithathile indodakazi kaMeshulamu indodana kaBerekiya.


Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ