Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 3:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Emva kwakhe kwalungisa uHananiya, indodana kaShelemiya, noHanuni, indodana yesithupha kaSalfi, elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguHananiya, indodana kaShelemiya noHanuni, indodana kaZalafi yesithupha. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMeshulamu, indodana kaBherekhiya, ngoba yayiphambi komuzi wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngemva kwakhe, uHananiya, indodana kaShelemiya, noHanuni, indodana yesithupha kaSalafi, balungisa elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBeregiya ekamelweni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 3:30
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.


Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka-Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umlindi weSango langaseMpumalanga.


Emva kwakhe kwalungisa uMalikhiya, omunye wabakhandi begolide, kwaze kwaba sendlini yamaNethini* neyabathengi malungana neSango Lokubala, kwaze kwaba nasekamelweni eliphezulu laseGumbini.


Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.


Ngokuba abaningi bakwaJuda babefungile kubo, ngokuba wayengumkhwenyana kaShekaniya indodana ka-Ara; indodana uJehohanani yayithathile indodakazi kaMeshulamu indodana kaBerekiya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ