Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ngathi enkosini: “Uma kwemukelekile enkosini, manginikwe izincwadi engiyozethula kubabusi besifundazwe esisentshonalanga yomfula iYufrathe, ukuze banginike imvume yokudabula ngaphandle kwezihibe, ngize ngifike kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ithanda, kabanikelwe ababusi abangaphetsheya kweYufrathe izincwadi zami, ukuze bangisuse ngize ngifike kwaJuda;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 2:7
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula,* nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama-Afarisaki abangaphesheya koMfula, manibe kude nalapho;


“Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke,


Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”


Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula;* basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.


Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula,* ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.


Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni, noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.*


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ