Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 2:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Ngabathumelela impendulo ethi: “UNkulunkulu wezulu uzosiphumelelisa, thina zinceku zakhe sizosukuma, siqale sakhe kabusha, kodwa nina aninasabelo, nalungelo, nanto eyisikhumbuzo eJerusalema.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngabaphendula ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu nguyena oyakusiphumelelisa; ngakho-ke thina, zinceku zakhe, siyakusukuma sakhe; kodwa aninasabelo nalungelo nasikhumbuzo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 2:20
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.


Kepha oZerubabele noJeshuwa nensali yezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kuzo: “Aninandaba nathi yokwakhela uNkulunkulu wethu indlu, kepha thina sodwa siyakumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli njengokusiyala kwenkosi uKoresi, inkosi yasePheresiya.”


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.


wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.


Khulekelani ukuthula kwaseJerusalema: “Abakuthandayo bayakuphumelela kahle.


Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.


Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”


Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.


“U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.


kuhle ukuba ubambelele kulokhu, yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke.


bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.


Imiqhele iyakuba yisikhumbuzo sikaHelemi, nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni, indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova.


Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.


Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ