Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 2:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 2:17
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba siyizigqila; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu, simise indlu kaNkulunkulu wethu, sivuse incithakalo yayo, asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.


Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”


Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo; futhi ngangingakabatsheli abaJuda, nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.


ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.


Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.


Usenza isihlamba kubakhelwane bethu, inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.


Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.


Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.


“Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo.


Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.


UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ