Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 11:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 eZanowa, e-Adulamu nasemizaneni yawo, eLakhishi namasimu alo, e-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBheri Sheba kuze kube sesigodini SikaHinomu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 iSanowa, i-Adulamu lemizana yayo, iLagishi lamasimu ayo, iAzeka lemizana yayo. Bahlala kusukela eBeri Sheba kuze kube sesigodini sikaHinomu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 11:30
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.


yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aya, naseBethele nasemizaneni yalo,


ISango Lesigodi lalungiswa nguHanuni nabakhe eZanowa; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthelelo zalo nemigoqo yalo, nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba seSangweni Lomquba.


Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,


ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.


Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Ngisezakwehlisa phezu kwenu enakhileyo eMaresha oyakunidla: udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.


Ngalokho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi:


inkosi yaseLibina: inye; inkosi yase-Adulamu: inye;


wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;


umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ