Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 11:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini,* nabantwana bezinceku zikaSolomoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Nazi izinhloko zezifundazwe ezazihlala eJerusalema, kodwa emizini yakwaJuda bonke babehlala ezindaweni zabo: abakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, izisebenzi zasethempelini, nabozalo lwezinceku zikaSolomoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lezi ziyizinduna zesifunda ezahlala eJerusalema, kepha emizini yakwaJuda kwahlala, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe emizini yabo, u-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 11:3
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,


AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,


Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini* emizini yabo, bonke abakwa-Israyeli emizini yabo.


Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.


EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,


Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;


AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.


AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,


Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,


abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:


Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ