Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 10:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

36 Siyoletha kubaphristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu, amazibulo amadodana ethu, awemfuyo yethu, njengoba kulotshiwe emthethweni, amazibulo emihlambi yethu, nawezimvu zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Namazibulo amadodana ethu nawezinkomo zethu, njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, ukukuletha endlini kaNkulunkulu wethu, kubapristi abakhonza endlini yethu uNkulunkulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 10:36
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.


Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.


“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”


“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


“Konke okuvula isizalo kungokwami, nawo onke amaduna ezinkomo zakho, amazibulo ezinkomo nawezimvu.


Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.


Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”


Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.


nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ