Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 10:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Banamathela kubafowabo, izikhulu zabo, benza isifungo nesifungo sokuhamba emthethweni kaNkulunkulu owanikezwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu nokulalela yonke imiyalo yeNkosi iNkosi yethu. Nigcine, niyenze, nezahlulelo zayo nezimiso zayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 10:29
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.


Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.*


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.


Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.


“Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo, sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu, namaLevi ethu, nabapristi bethu.”


ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!


Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.


Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.


Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!


Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.


Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu,


Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.


Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.


umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, umpristi athi kowesifazane: “UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho, avuvukalise isisu sakho.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.


Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.”


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ