Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Nanka amazwi kaNehemiya, indodana kaHakaliya. Ngenyanga uKhisilevi, ngonyaka wama-20, ngiseShushani inhlokomuzi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi kaNehemiya indodana kaHagaliya. Kwathi ngenyanga kaKislewu, ngomnyaka wamashumi amabili, ngisesigodlweni uSusan,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 1:1
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.


Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.


Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,


Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.


Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.


yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.


Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ